





Busisiwe Zondi
Abahleli, abagqugquzeli nabaxhasi bomcimbi we Jazz obizwa ngo – Ugu Jazz Festival Off Ramp Experience ozoba kwisiFunda Ugu, bathembisa ukuyiphinda kabili kweyangonyaka odlule inamba yabathandi bomculo we Jazz kanye nabalandeli balomcimbi osekuneminyaka waba khona. UMeya wakulesisiFunda uKhansela Skhumbuzo “Zero” Mqadi uyena oqinisekise lesisibalo efakazelwa yiMenenja yaloMasipala UMnu Vela Owen Mazibuko wathi, nakanjani Ugu Jazz ibuye ngezinkani. Ubekusho lokhu namuhla esithangamini sabezindaba abebesibizele eMhlanga eThekwini, nokuyilapho Lomcimbi uthulwe khona ngokusemthethweni. Yize isifo soKhuvethe nokuvalwa kwezwe kwabanga ukuthi lomcimbi uguqe, kodwa ngonyaka ofile ubuyile. Okwesibili manje ukhona futhi ubukeka uza ngamazinga agqogqoshene. UMnu Siyabonga Msomi ongumsunguli we UJF, usithulele uhlu lwabaculi abazobe bekhona (buka ivideo), wase ethembisa nokuthi kunenduku ayifihle emqubeni. Sizonazisa uma ingulube leyo isithukululiwe esakeni. Lomcimbi ozoba mhlaka 27 kuNhlangulana (June) uzoba sezonkundleni Ugu Sport and Leisure Centre, kanti amathikithi ayatholakala eComputicket, aqala kuR450.
Okunyeke ukuthi ngakusasa mhlaka 28,uyaqhubeka umcimb owabathanda ukholo. Lapho kuyobe kudunyiswa, kufundwa nezwi. Uyakwazi ke nokuthenga ithikithi elilodwa lalemicimbi yonke. Ngezansi lalela izinkulumo uzwe ngokugcwele.








