IVULE elinye ihhovisi lokusebenzela nokulapho kuzoba khona isikhungo esikhulu esibhekele
wonke amahhovisi ale nkampani Inqubeko Yezibusiso Financial Solution eyaziwa ngokuthi
yi-IYFS. Lama hhovisi asendaweni yomntakabani emgwaqeni uFlorida eThekwini yiwo
asezobhekelela konke ukusebenza kwalenkampani. Yize noma amahhovisi amakhulu efudukele
kuFlorida kodwa lisekhona ihhovisi elizoqhubeka nokubheka amakhasimende enkabeni
yedolobha laseThekwini.
Njengoba ikhula ngamandla inkampani yosomabhizinisi abasebancane baseThekwini
asebezakhele igama ngokusiza abantu ukuphuma ezikweletini baphinde baqashe inqwaba
yentsha yakulesi sifundazwe namaphethelo, Le nkampani isigxumele esigabeni esikhulu
endimeni yokusebenza ngezezimali njengoba iphinde yavula ithuba lama Learneship lapho
izosiza intsha ngokuyinika ithuba lokuzofunda ngomsebenzi wezezimali khona enkampanini
kanye nokunye okwenziwa kule nkampani. I-IYFS ikhombisa ukukhula okujabulisayo
wezamabhizinisi kusukela yasungulwa ngonyaka ka -2015 ukusiza abantu abacwile ezikweletini.
Selokhu uqalile lo nyaka kuningi osekuzuzwe yile nkampani njengoba ihlanganisa iminyaka
engaphezulu kweyishumi kulo nyaka yasungulwa
Abaphathi bale nkampani abangosomabhizinisi abasebancane, uMnu Sibusiso Gumede no Mnu
Simphiwe Dlamini, bathi le nkampani bayisungula ngemuva kokubona inkinga ebhekene
nentsha ikakhulukazi kwindlu emnyama yakuleli ngokucwila ezikweletini bagcine sebenze
izinqumo ezingaphusile, baqhuba ngokuthi ngaphezulu kwalokhu baningi kakhulu abantu abathi
bengaqala ukusebenza benze inqwaba yezikweletu bese beyazibalekela kuyothi lapho umuntu
eseqala efuna ukwenza izinqumo eziphusile ngempilo yakho, kube yilapho kusuka khona
udweshu esebona ukuthi igama lakhe libomvu yilezi kweletu azenza wazibalekela. Baqhube
ngokuthi ngaphezulu kwalokho baningi abantu abanganaki ukuthola umasingcwabisane
okhokhela imali uma ushonelwe, kuyothi lapho umuntu esevelelwe yinkinga bese kubhekwane
emehlweni ekhaya, lokhu kwenziwa ukunganaki nokungazilungiseleli kwabantu isikhathi
sisekhona. Lezi nsizwa zibeke zathi yize ibikhona imisebenzi abebengayenza ngesikhathi
bephothula imfundo yabo emazingeni aphezulu kodwa bakubone kunesidingo esikhulu ukuqala
ibhizinisi elehlukile futhi eliwusizo kubantu abaningi.
IYFS inkampani esiza ekukhipheni abantu ezikweletini nalabo asebefakwe kwi Debt Review,
abangasakwazi ukusondelana namabhange ngenxa yokuklinywa yizikweletu. Ngaphansi kohla
lwezinsiza zale nkampani kuphinde kutholakale iFuneral Cover okuwuhlelo lokusiza abantu
ukuze bakwazi ukuqhubeka nempilo ngemuva kokuvela kwesifo, kanti iphinde ibe nohla
lwabammeli esebenzisana nabo ukusiza amakhasimende ngezomthetho. Le nkampani isiqashe
abasebenzi abangaphezulu kwamashumi ayisikhombisa selokhu yavulwa kanti inamahhovisi ayisishiyagalombili, eThekwini, Pinetown, eMgungundlovu (Pietermaritzburg), eBizana,
eNewcastle, namabili asesifundeni saseMpumalanga.
Ngosizo lokukhishwa ezikweletini, usizo lwabammeli, noma ufuna ukuthola ikhava
kamasingcwabisana ungabathinta kulamahhovisi abo okanye ubathole ezinkundleni
zokuxhumana, ubalandele ekhasini elithi Inqubeko Yezibusiso Financial Solutions kuwona
wonke amakhasi ezokuxhumana Facebook, TikTok, no Instagram. Ngemininingwane egcwele
batholakala kwinombolo kamakhalekhukwini ethu 0655711840.



