UKagiso Gwyza Diseko oyilunga le TKZee Family eyaduma kakhulu ngeminyaka yango 2000/1, uthi impilo yakhe isishintshe kakhulu njengoba esenza umsebenzi wamapulangwe wezandla. Uthi esasemculweni ebelwa impi yokuyeka uphuzo. Kuthe eseneminyaka emihlanu eluyekile, kwavele kwafika isifo soKhuvethe olwenza kwashintsha yonke into.
Exoxa neTimes Live uGwyza uthe emuva kokuthi izwe limile, kwakungeke kulunge engenzi lutho ngoba wayengafa nokufa, ingqondo yeciko ayiqedi ukucabanga. Ngenhlanhla uthi kwakunemali ayeyibekile yomculo nayezitshele ukuthi uzothenga imishini yokwenza umculo abe nestudio. Nakhoke sekufika iCovid kwamele acabange into engamuphilisa yena nomndeni wakhe kwazise umculo wawungasasebenzi ngalesosikhathi. Ngempela uthi wayithatha leyo mali wayozithengela yonke imishini yokwenza ifenisha, izipikili namapulangwe, wahlala phansi waqala wahlanganisa. Uthi ngempela kwahlangana. Futhi okumthokozisa kakhulu ngalomsebenzi, ukuthi uwenzela ekhaya phambi komndeni wakho nokuyinto ehluke kakhulu kunale yomculo akade eyenza. Enye into ayithanda nge Capentry uthinayixoxisi. Uba nento engqondweni ofuna ujuyenza, uthathe iplangwe ukisike ubuye ulihanganise libe yile oyifunayo, udayise uthole imali. Kuyimanje uKagiso uthi usefundise nabantwana bakhe lelibhizinisi le Capentry, uthi wenzela ukuthi nakubona umakungasahambi kahle kwabakuthandayo, kepha ube khona umsebenzi wezandla abawaziyo.


