Sezihubela sakusha Kowama Metro Awards

Sezihubela sakusha Kowama Metro Awards

Busisiwe Zondi

Sekusele izinsuku ezimbalwa kube indumezulu yomcimbi wama Metro Awards ozokwenzelwa e International Convention Center eThekwini mhlaka 25 kwephezulu ngokusingathwa uMasipala weTheku nezokuVakasha. Imikhankaso yabo esabalale iTheku yenza kungabi lula ukungazi ukuthi iGoli liyehla, elinye selikhona ukuzoqinisekisa ukuthi abantu bayagcwala laphaya e-ICC. Bapende iTheku laMnyama nokuMhlophe. Kweminye yemikhankaso sithole uSis Thami Ngubeni owenza uhlelo oluba njalo ngama Sonto i-Sacred Space ngo 6 kuya ku 9 ekseni emsakazweni iMetro FM ozinze eGoli. Loluhlelo ngeSonto belwenziwe bukhoma ebandleni iRestoration Ministries eSipingo ngaphansi kobuholi buka Mfu Njabulo no Mfu Ntombifuthi Malinga. Bekungelona uhlelo olujwayelekile, kodwa bekungumkhuleko wokukhulekela umcimbi wama Metro’s ukuthi uhambe kahle.
Loluhlelo emsakazweni luletha abaculi abaqokwe emkhakheni eyahlukene endimeni yomculo wokholo ukuzozikhulumela nabalaleli banxenxe namavoti. Uthando lomshayeli walo uThami Ngobeni oluphatha ngobunono, wenza kube nzima nokukhetha ukuthi ubani okumele umuvotele ngoba bonke usuke usubathanda.
Umcimbi ungomhlaka 25 April 2026 e ICC kusuka ngo 5 ntambama kuya ku 10 ebusuku . Amathikithi atholakala eComputicket, aqala kuR750 ajwayelekile, abe ngu R1100 awezicukuthwane

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *