Busisiwe Zondi
KUHLANGENE abesifazane behlobe ngamaphinifa namaduku ekhanda kumcimbi obizwa nge Isizwe Dialog KZN. Lomcimbi ubusenkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida ETHEKWINI, ubuhanjelwe abesifazane abanentshisekelo yokuzikhulisa. Bebesabela kwisimemo esakhishwa uNkk Nokuthula Khasibe odume ngelika Madame Noccy ophinde abe ngumsunguli we Iphinifa Movement. Kulomcimbi bebegcwele phama abesifazane. Izikhulumi zonke beziqinisekisa ukunikeza abahambele lomcimbi umphako wendlela. Isikhulumi sosuku bekunguMkaNkosi uNdlunkulu Mdolomba wezinyane leSilo, iNkosi uMisuZulu. UMkaNkosi ugxeke ukuziphatha kwabanye besifazane ngokukhulumana kabi, inzondo abanayo komunye nomunye wesifazane, nathe akakhulumi into angayazi, kodwa ukwazi kahle ukuzondwa abantu besifazane besho amagama aziswani ngenxa yokuthi ukhethwe uNgangezwe lakhe. Uthe abantu besimame abafunde ukuvikelana nokukhuthazana ukuze kube nesizwe esakheke kahle. Kulomcimbi kubonakale nabasakazi boKhozi FM uMroza Buthelezi kanye no Nozipho Zulu. Okuya ethunjini kuze kwasala indlela ebekufinywa ngayo ngendololwane. Akubanga ukudla kwasesiswini kuphela, kodwa nokwendlebe bekukhona esingabala kubo abasilethele, uJumbo, iMalini, uDJ Bongs, uDJ Happy Girl kanye no Dj Sjerere.



