Busisiwe Zondi
UMnu Sbusiso Ndebele ongusihlalo webhodi le KZN Tourism and Film Authority ubeyingxenye kwethulwa ngokusemthethweni i-Africa’s Travel Indaba kwisithangami sabezindaba ebesise MSC Nelson Mandela Cruise Terminal echwebeni laseThekwini. Isthangami besibizwe nguNgqongqoshe wezokuVakasha kuZwelonke uNkk Patricia De Lille. Kuso kukhona IMeya yeTheku uKhansela Cyril Xaba, uNgqongqoshe wakwaEDTEA nezinye izikhulu ezikumkhakha wezokuVakasha nokuThuthukiswa KoMnotho.
Ngale kwesizathu salolusuku, uMnu Ndebele uthi lolusuku kuye luvusa umunyu nohlevane ngoba eminyakeni eminingi eyedlule, uye ngalo ejele.
” Imizwa yami ixubene. Ngalo lolusuku lwanamuhla eminyakeni eyi 50 eyadlula ngonyaka ka 1976 04 May, ngaboshwa e- Oshoek phakathi kwebhodi lase Ningizimu Afrika naseSwazini. Ngaboshwa emuva konyaka wonke ngigqigqa ezinkantolo ngishushiswa, ngaphansi kukaHulumeni wobandlululo. Ngonyaka ka 1977 kuJune ngagwetshwa iminyaka eyishumi ejele iRobben Island. Ilanga ngaze ngalibona futhi ngo 1987 June 27 sengidedelwa”, kusho yena.
Ngaphandle kwalokho uNdebele uthi ukujabulele ukufika kwalomcimbi omkhulukazi we Africa’s Travel Indaba. Wathi ulindele ukungena KoMnotho kulesisiFundazwe kuphinde kuthuthuke nezokuVakasha.

