Izinkulungwane zabantu bemashela idolobha laseThekwini

Izinkulungwane zabantu bemashela idolobha laseThekwini

Impela ayinuki ingosiwe. Ithimba le March and March eliholwa ngu Jacinta Zuma, uPhakelabathakathi kanye no Ngizwe Mchunu, litholwe ukwesekwa ngisho uXolani Khumalo wohlelo oluboniswa kuMoja Love i-Sizokuthola okuwuhlelo oluvundulula labo abadayisa ngezidakamizwa. Njengoba bekulokhe kukhalwe njalo ngamabhilidi asenkabeni yeTheku ePhoyinti ukuthi agcwele abokufika abangenamvume futhi abadayisa izidakamizwa. Nempela buphumile ubufakazi, kutholakale nabesilisa bangaphandle benza lokhu kungcola. Uhlelo olusanda kuqokwa lwe ANC Task Team eThekwini, seluze labhala incwadi yokwamukela ukuthi eMzansi esibhekene nengwadla yabantu abaliqhamukisa emazweni angaphandle abangenamvume yokuba kuleli. Kuke kwavela ne video eyisimanga lapho owesimame was Ethiopia ekhala ngokuthi bavalelwe imali yesibonelelo sikaHulumeni, ethi abazi bazophila kanjani. Lokhu kushaqise abaningi kwadinwa no MaNgobese ethi akukwazi ukuthi kubanjwe intela kubantu baseMzansi, bese isibonelelo sitholwa abokufika.

Buka aama video ngezansi

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *