“UMfundisi” ucela opondo nje kuphela

“UMfundisi” ucela opondo nje kuphela

ULinda Mfekayi odume kakhulu ezinkundleni zokuxhumana la esuke ezikhulumela ngezimo zenhlalo okanye zempilo esidlula kuyo, usenebandla elingaxoxisi, elingakhulumisi. “Ibandla” le 1 Million pairs of school shoes eliba “nezinkonzo” ezicela wonke umuntu okhonza kulo nongakhonzi kulo ukuba anikele ngo R2 kuphela ukuze kusizakale isizwe.

UMfekayi (WoKhozi) usemkhankasweni wokuthola uxhaso kubantu ngoku faka esivivaneni lokhu anakho ukuze izingane eziyizigidi ezingathathi ntweni zithengelwe izicathulo. Kusebusika manje, wonke umntwana angakuthokozela ukufudumala. Nawe ungalwenza ushintsho ngoku faka esivivaneni. Nayi imininingwane ngezansi.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *