Busisiwe Zondi
Izindaba zokudlula emhlabeni kuka First Lady uMother TM Dladla onguNkosikazi womholi we-Bantu Methodist Church of Southern Africa ngaphansi kuka Dokotela uPresiding Bishop MM Dladla, zinyakazise amaDonki onke ka Ramushu. Inkonzo yomfihlo ibise Harmasdale entshonalanga yeTheku ngoMgqibelo, ebandleni lase Ethembeni Methodist Church nokuyibandla elinesakhiwo esikhulu kodwa esivele saba sincane, sagcwala phama, abakade bephelezele umndeni wakwa Dladla. Uhlelo lwenkonzo beliphethwe ngobunono ngu SG webandla uBhishop T Ngwenya, eyiphaka ngokwabelana nawo wonke obekhona ohlelweni. Umculo udla lubi. Izwi laphathwa nguPresiding Bishop KD Ngetu webandla lase MCA. Umndeni, abantwana kanye nezikhulumi, zibonge isineke sika PB Dladla sokuma noMama kwaze kwafezeka isibopho abasenza, sokuhlukaniswa ukufa.
Yize bekuyinkonzo engemnandi yesifo, kodwa iwahlanganisile kakhulu amaDonki ngaphansi kwesiqubulo esithi “#siyazalana”, nokusho ukuthi noma kungaba nezindlu eziningi zaseDonkie kodwa ubuhlungu boyedwa, buzwiwa yiwo wonke umuntu, kwazise umzali munye futhi sekusondele nenkonzo eyenziwa ngokuhlanganyela yesikhumnuzo sakhe umzali, uBaba Mongameli uRamushu. Isikhumbuzo siseBloemfontein ngoMgqibelo womhlaka 27 kuya ku 28 kuyo lenyanga esikuyo.

















