Ungazibulali Ndoda – Nkululeko Khanyi

Ungazibulali Ndoda – Nkululeko Khanyi

Sekunjalo bantu besilisa, madoda athenjwe uNkulunkulu ngakho konke. Nangu uNkululeko ethi wozani nizobhodla, nakhane niphinde nicobelelane ngamasu okwenza impilo ibengcono. Sesiphelile manje isikhathi sokuthi kuthiwe “indoda ayikhali”. Izongakhali kanjani indoda ibe bonke ubuhlungu buya enhliziyweni? Izinkinga zendoda zinkulu kakhulu. Ithi izalwanje iphiwe igama elithi Bhekumuzi, Vusumuzi, Themba, Sibusiso, njalo njalo. Uyawabonanje ukuthi lamagama asuke esephethe ithemba lonke labazali. Ukukhula komuntu ke akukho ezandleni zakhe. Impilo iyashintsha ibe yinhle noma ibe lukhuni. Kuyenzekake umuntu asebenze kahle akwazi ukukhona impilo, kodwa ekhaya lakhe kungabikho ukuthula. Okanye abe nekhaya elunokuthula kodwa kutholakale ukuthi ikati lilele eziko ngenxa yokuthi uVusmuzi akasebenzi, akasakwazi kulandela igama lakhe. Lokhu kudala ingcindezi enkulu kumuntu wesilisa. Singabala kuse emnyango uma singakhuluma ngezingqinamba zomuntu wesilisa. Lanake uNkululeko uthi madoda wozani nizokotha umlilo enizibasele wona. Akekho owazi indlela njengomhambi wayo. Unalo nethuba lokuyokhangisa ngomsebenzi okanye ibhizinisi lakho. Ukudla kwendlebe kuyobe kungangawe. Thola yonke imininingwane kwi zithombe ngezansi. Kodwa okubalulekile ukuthi uthenge ithikithi lakho ubhalise bese uzitholela iskibha nekapisi okuthi wena. UMbhalo wesikibha uwodwa uma uwugqokile wahamba emgwaqeni, ungamelapha omunye wesilisa onesimo sengcindezi.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *