Oyster Box ihamba phambili EKZN Durban

Oyster Box ihamba phambili EKZN Durban

Ihhotela i-Oyster Box eMhlanga  selithole ukuhlonishwa  ngePremium 5-Star nokuwuphawu lokuphatha kahle umsebenzi ngobunono nangobuyoninco liphinde libe ngelinomlando omude omuhle. Lelihhotela lihlonishwe yiTourism Grading Council Of South Africa (TGCSA) okuyizinga elihlonishwayo elinikezelwa kuphela kumahhotela angama-23 eNingizimu Afrika kanti I Oyster Box ingeyikuqala ukuyithola lapha eThekwini. 

UNkk Bronwen Auret oyiQuality Assurence OFFICER yeTGCSA, nguye ofakazele abantu ngobunono bempatho kulelihhotela. Isitifiketi semukelw nguNkz Philisiwe Gumede oyi General Manager yase Oyster Box. 

U-MEC wakwaEconomic Development, Tourism and Environmental Affairs UMfu Musa Zondi obekhona kulomcimbi, ulibongele kakhulu lelihhotela waphinda wafakazisa ngempatho yase Oyster Box athe impela is ezingeni. Uthe lempumelelo  iyinqophamlando esifundazweni saKwaZulu Natali, futhi ibonisa ukuzibophezela kwethu ekuhlinzekeni ngezinsizakalo ezisezingeni lomhlaba wonke. Ube esebonga kakhulu kuMndeni waseTollman, i-Red Carnation Hotel Collection, kanye nethimba le-Oyster Box ngomsebenzi wabo omuhle. 

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *