
Jacinta Zuma uzibambe ngamandla endoda

UMashudula ubekhona


UBaba wama Wele

Manciza wwe MK Labour Desk

Ayanda Msweli

Mbuso Zulu iBhantinti le Country

Ama wele ase Chesterville no Church Boy
UMbuso Zulu echaza ngesimo
UBhishop Ndlela ukhale ngesihluku samaphoyisa
Lalela beculela amawele
Busie Zondi
Ume nse umgwaqo u Commercial eThekwini uvalwe abakade bemashela ubulungiswa bama wele akwaDlamini adlule ngesihluku sobudedengu obenzeke ebhilidini laka Homi enkabeni yeDolobha. Osaziwayo bebesukumele phezulu. Izinhlangano zepolitiki zabeka eceleni ipoliti zahlangana. Okufike kwazwisa kakhulu ubuhlungu, ukudubuleka kwabantu bwdutshulwa amaphoyisa ngezinhlamvu zenjoloba, naye uBaba Dlamini okunguBaba wama Wele wathinteka. Okunye futhi okuvuse umunyu ukuthi bekuwusuku lokuzalwa kwama wele, elilodwa lalo eselendele kwelokhokho kanti elinye lisalwela impilo yalo esbhedlela. Ugcine ephumile umnini bhilidi ezokwamukela izikhalazo nezimfuno ezibhalwe phansi. Ababhikishi bafuna ifootage yangalolasuku, bafuna nabahlali bavulelwe izundlu zabo ngoba engathi bebengasavumelekile ukungena kulelibhilidi. Umnini bhilidi uyizibile eyokuthi aculele ama wele u happy birthday njengalokhu izihlwele be zithi akenze njalo. Uyamukelile incwadi kodwa wangasho ukuthi bazokwenzani ngayo, yebo uwadlulisile amazwi enduduzo kodwa ubonakale abantu bengagculisekile yiwo bethi ayabanda qa awanalo uzwelo.
Imashi iqhubekile yaze yayobhajwa e CR swart nakhona nathula izikhalazo zabo. Kulindeleke impendulo maduze.
