


OThukela kuMasipala we-INkosi Langalibalele eMtshezi uNdunankulu waKwaZulu-Natal UMnu Thamsanqa Ntuli ehambisana noNgqongqoshe banikezele ngezingubo zokumbatha, igilosa kanye namakhekhe kogogo nomkhulu abaneminyaka engaphezu kweyikhulu bedla anhlamvana.
Emuveni kwalokho uMphemba uvule ithuba lokubuza umphakathi uzikhulumele noNgqongqoshe ngezingqinamba nezincomo abanazo. Wenze njalo Impela umphakathi bekhalaza ngamathuba amancane noxhaso olungafinyeleli kubo bewosomabhizinisi abancane. Babe sebwkhuthazwa ukuthi bahlangane ngoba uHulumeni akaxhasi usomabhizinisi ohamba ngayedwana.
