


U- Operation Sukuma Sakhe uhambele oThukela District namhlanje, nalapho UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa KoMnotho ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo uMfu Musa Zondi, ewuShampeni wokulethwa kwentuthuko kulesiSifunda. Ngaphambi kokuba bayohlanganyela noMphakathi ongaphansi kukaMaspala iNkosi Langalibalele, ubuholi besifundazwe buqale kwi – War Room ukulalela izinselelo, izikhalazo kanye nenqubekela phambili yemisebenzi yeminyango kaHulumeni yonke ekulesiFunda. Lomhlangano uhlanganise abasebenzi beminyango eyahlukene kanye namaKhosi endawo kulesiSfunda kuWard 10. UNondaba ukhale ngokuthi umphakathi awufuni ukuyeka ukudicilela izakhiwo ezakhelwe wona, lokhu kwenza uHulumeni agide ndawonye kungabi nenqubekela phambili.
