UPhiko lwezeMpilo lusingathe ngempumelelo imigubho yosuku olubizwa nge-African Traditional Medicine Day kanye nohlelo lokuqwashisa ngamalungelo abantu abe-Albinism namhlanje e-ICC.Lo mcimbi okhethekile uhlanganise umphakathi, abelaphi bendabuko, nabanye ukugubha ukunotha kokwelapha kwendabuko kube kugqanyiswa ukubaluleka kokuhlonishwa namalungelo abantu abane-albinism.Kube wusuku lokufunda, ukucobelelana ngolwazi nokubumbana olusikhumbuza ukuthi amagugu ethu ayahambisana nokwakhiwa komphakathi lapho wonke umuntu ehlonishwa futhi ethandwa.
By: EThekwini Municipality




