
Kuyiqiniso ukuthi izitha zakho angeke uzazi zonke futhi nabakuthanda ngeqiniso kanjalo.
Lokhu ngikusho ngoba ngeSonto loyo owabe engumsakazi woKhozi owaxosha, uMnu Sbusiso Buthelezi odume ngelika Sbu Buthelezi uzwakale emoyeni okokuqala ngqa emuva kweminyaka emithathu engasekho ndawo kwezokusakaza.
Izwi lakhe lizwakale kwisiteshi esi online esibizwa nge- Voice of Life Radio yena ubebukhoma ekhasini lakhe lika Facebook elithi I AM Sbu Buthelezi.
Into yami inokumangala ukuthi baphi labo ababembethela emuva kokuxoshwa emsakazweni uKhozi ngamacala afakwa abantu bethi inkampani yakhe ebizwa nge-Abmbuso Investment ebebanxenxa ukuba bafake imali kuyo, ukuze ibuye iphindiwe?
Lokhu kwamenza achithwe emsakazweni ngenxa yabalaleli ababengasazwile nabo bemubeka idolo entanyeni. Iningi ngisho elingakaze lizwe olubi ngaye, lase lizigwazela ibhece kuye, kwathi labo ababemeseka babonakala beshona phansi. Angiqhathanisi, kodwa akufananga nokwa Linda Sbiya yena okwakuze kuphume nabantu abadumile bemeseka kubizwa nezithangami zabezindaba.
Manje uzivulela lomsakazo, izinkumbi zabantu kuFacebook zingene zilakanyana, zimupha ngisho izinkanyezi, zikhomenta ngokujabula kakhulu zijabulela ukubuya kwakhe emoyeni.
Lokhu kungimangazile ukuthi ngempela uyini umuntu? Uma uqhuzuka, bayakuwisa bhu. Uma uvuka, bona futhi bayakukhuphula. Kodwa kwabuye kwathi kimi mhlawumbe bona labantu bese bemuzwela, ngoba isikhathi besesiside engasazwakali kodwa futhi engakufihli ukuthi kusemizweni yakhe ukusakaza. Ngalokhoke mhlawumbe sengingaxola.
USbu uthembise ukuthi ngonyaka ozayo lomsakazo uzobuya ngokugcelwe, kodwa okwamanje usazozwakala ihora, kuthi ngezinye izinsuku ubaye ungazwakali. Wathi kodwa uzoba khona kuFacebook elokhu esazisa ngokuqhubekayo.
