Ihlobo lethwese ngokusemthethweni eThekwini

Ihlobo lethwese ngokusemthethweni eThekwini

Busie Zondi

I-Durban Tourism kanye noMasipala weTheku bathule ngokusemthethweni umkhankaso wenkathi yaseHlobo.
Umcimbi ubunamuhla eValley of a Thousand Hills eSithumba Adventure Park ngaphansi kwesiqubulo esithi, “VISIT DURBAN. ENDLESS WAVES OF TRANQUILITY *

UFana Hadebe wamukele izihambeli, kwathi UMnu Carl De Heer wakwa Trade & Industry support, wathi ezokuVakasha aziselona itoho, kodwa ziwumgudu obheke ukukhiqiza igolide esikhathini esizayo. Waqhuba ethi, i-1000 Hills ayinawo umoya ongcolile, kodwa iyadinga ukwesekwa uHulumeni kanye noMasipala weTheku ukuthuthwa kwemfucuza.
UNkk Anelisa Ngwenya we INK Kasi Experience, ubonge iDurban Tourism noMasipala weTheku ngokubeseka kulomcimbi osunamava amakhulu. Uthe bayadlondlobala minyaka yonke, futhi nezinga abeza nalo ngomhlaka 15 kuZibandlela, lizobe liseqophelweni.
U – Anelisa uphinde wasishaya ngogabigabi wabaculi abazoba bekhona kulonyaka kwi INK Kasi Experience.
Iskhulumi sosuku uKhansela Thembo Ntuli obuye abe nguSihlalo eMnyangweni we Economic Development and Planning Committee uthe i1000 Hills Valley idlisa ngokukhangisa ngempilo yaseMakhaya, ibe nezilwane nezihlahla ezehlukile. Wathi ukufika kwezivakashi zangaphandle zifaka umnotho kuvele namathuba omsebenzi. “Sihlukile kunezinye izindawo.Silhangisa ngobuhle baseMakhaya nobaKwaZulu. Izivakashi esizoba nazo ziyizigidi ezingu 1.3, zizofaka umnotho oyizigidi ezingu 341. Imisebenzi ezovela iyizinkulungwane eziyi 15”, kusho yena. Ube esephetha ngokuthi kuyamjabulisa ukuthi i Travel Indaba ithole inkontileka yeminyaka emihlanu iqhubeka nokwrnzelwa eThekwini.
Umcimbi ubuhanjelwe osaziwayo, abahleli bemicimbi kanye nabaculi. Uhlelo lushayelwa uSimo Nzama.

Buka:

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *