
Senzo Myeni
Isthombe: Nonkanyiso Msomi
UMNU Senzo Myeni ubeyisikhulumi sosuku kwi Funeral Business Workshop ehanjelwe osomabhizinisi abasebhizinisini labagwcabi eMbilo eThekwini. UMyeni ovela kwibhange laka First National Bank (FNB), ufundise ngokuba nesandla esihle emalini. Uthe imali enkulu iqhamuka kwimali encane obunayo. Ufundise ngezinto ezine, Ukuthola imali, ukusebenzisa imali, ukuba nemali kanye nokukhulisa imali. Uthi akumele usabe ukubuka isitatimende sebhange lakho okanye ucele usizo konolwazi mayelana nokongiwa, kusetshenziswe ngendlela imali.
“Kunabakwazi ukubheka bacophelele imali yebhizinisi, bese beba budlabha kweyabo imali. Lokhu akukuhle neze ikakhulukazi uma uzodinga ukuboleka imali ebhange. Ibhange liyayibuka yebo indlela ibhizinisi lakho elenza ngayo emalini, kodwa ukusebenza kwemali yakho qobo, iyakwazi ukukwenza singaphumeleli isicelo sakho sokubolekwa imali ngoba khona ubudlabha obukhona kwelinye uhlangothi lwakho ezimalini”, esho.
Uqhube wathi kuhle ukuba namakhadi asezitolo, kodwa musa ukuba nalo noma ungasalidingi.Uthi uma uqeda ukukhokha, vala lelokhadi ngoba liphenduka isilingo esingagcina sikufake emgodini omnyama.
UBhishop Sbusiso Zondi ongumnikazi weMindulo Funeral Services obengomunye wabathameli bale workshop uthe, kumzuzise lukhulu ukuba kule workshop. “Angizisoli ngokuba kule workshop.. Kuningi nengikuthole kuBaba uMyeni. Ngiyamazi enguMfundisi kodwa bengingazi ukuthi ngale kokusondla ngokomphefumulo, unawo namasu okusiphilisa ngala kwezamabhizinisi” kusho yena.
