Indumiso yodwa kowe Sihlengiwe Pre Easter Festival

Busisiwe Zondi

Kuzoshayeka izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa kuMasipala wase King Cetshwayo.

Sizwakele isikhalo sabantu baseMhlathuze ngokulambela umcimbi ikakhulukazi wendumiso yomculo wokholo. Alifikanga ligalelekile lelithuba lokuzidelisa ngomculo edilini iSIHLENGIWE PRE EASTER GOSPEL FESTIVAL. Ukuza kwalendumezulu yomculo ayizi nenjabulo kuphela kodwa nanokuvuleka kwethuba lokuthuthukiswa komnotho waseMhlathuze, kwazise ukuba khona kwalomcimbi kuzovula amathuba kosomabhizinisi bezindawo zokulala, izitolo ezisendaweni kanye nomkhakha wezokuthutha, njengoba abantu bezobe bethutheleka ngobuningi besuka nasezindaweni ezingaphandle kwalesisiFunda.

Ngokusho kwabahleli balomcimbi bathi ukuletha lomcimbi akusikhonje ukujabulisa abantu kuphela, kodwa nanokukhulekela ukwehla kwezingozi eziba ngePhasika, ukukhululeka ukuthula ezweni njengoba sibona nezehlakalo zasemazweni angaphandle. “Sizwile ukukhala kwabantu baseMhlathuze ngokomela inkonzo nendumiso. Siphendulile ngokuphuthuma ngoba wonke umuntu uyawudinga umkhuleko. Ukuba khona kwalomcimbi kuzophinde kulekelele osomabhizinisi bakulendawo, kwazise ayiminingi imicimbi yaloluhlobo kulendawo. Siqinisekise nokulethan abaculi abanjengo Xoli Mncwango ongowakhona kulendawo. Abantu abeze ngobuningi, umkhosi uhlatshelwe bona”. Lawa ngamazwi kaLindani Dladla ongumgqugquzeli walomcimbi. Amathikithi atholakala eShoprite Checkers, USave nase House and Home. Aqala ku R200 kuya ku R500.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *