






Busie Zondi
Injabulo yodwa abafundi beqashwa emuva kokuthola iziqu.
Izolo kwelinye lamahhotela aseThekwini bekunomcimbi wokuthwesa kweziqu abafundi abangu 47 abakade befunda eGoli ngaphansi kohlelo lezinyanga eziyi 18 lezifundo ze – Power and Telecommunications Cable Manufacturing Learnership. Loluhlelo lwenziwe lwayimpumelelo nguMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo oholwa nguMfu Musa Zondi, yinkampani yabantu abamnyama ebizwa nge-MWANGA Afrika Cable ngaphansi kobuholi buka Mnu Professor Ndawonde kanye noMnu Mduduzi Mabaso, yi- merSETA kanye neNkampani yeSouth Oceans Electric Wire ebimelwe usiHlalo wayo uMnu Johannes Van Rensburg noMnu Gert Loots.
Yize loluhlelo bekungelokuqala ngqa ukwenziwa yiMWANGA, kodwa abafundi bavele baphasa ngamalengiso, bathola izitifiketi zika NQF Level 4 nokubabeka emathubeni amahle kakhulu uma kuziwa kulomkhakha.
UNdawonde uthe bonke labafundi iMWANGA izobaqasha ngokugcwele ngonyaka ozayo basebenzele kwiFactory eseGermiston. Kodwa futhi akukho okuza kalula ngoba uMnu Mdu Mabaso uthe bazoqala kunhlolo khono ukuze kubonakale ukuthi njengoba kungamaholidinje, abalibalanga yini ukudlala, bakhohlwa abakufundile. Bazoqala ukusebenza kwikota yesibili yonyaka ka 2026.
UNdawonde ubonge uMnyango kaZondi ngokubamba iqhaza elikhulu kuloluhlelo abalenza ngenhloso eyodwa yokuthuthukisa umnotho kusungulwe namathuba omsebenzi. Uphinde wathi beyiMWANGA abamile ngoba bheka basazosungula amathuba angu 250 omsebenzi esikhathi esigcwele kanye nangu 500 wabazoqashwa isikhashana kwinkontilaki ezovuka eDube Tradeport ngo 2028
Abazali bahluleke ukuzibamba bezwa lezizindaba, kwaqhuma umkikizo kwaduma ihhotela lonke.
UNondaba ezwa lezindaba uzwakalise ukubonga okukhulu kwiMWANGA. Ethi i-Mwanga yenze umsebenzi omkhulu wokuphungula isibalo sabahlala namajazi ekhaya bengawutholi umsebenzi emuva kokufunda iminyaka bedonsa kanzima. Uthe abafundi abazimisele balungele unyaka ozayo wokuyosebenza, bangaphoxi ngoba yibo abamele isiFundazwe.
About MWANGA Afrika Cables
Mwanga Afrika Cables has been a successful company since it was established in 2022, through a merger with the renowned low-voltage manufacturer South Ocean. The company specialises in medium- to high-voltage insulated cables. To date their partnership drives industrial growth, has created over 250 jobs, and has invested more than R300 million.
In addition, over the past 18 months, Mwanga has trained 50 young people in cable manufacturing, and 47 of them have graduated and are set to start working around March 2026, following the acquisition and expansion of Germiston Factory where Mwanga and its partners are investing R300 million. Mwanga and SOEW are forging ahead with the plan to invest over R800 million in the KZN economy through the construction of a state-of-the-art cable manufacturing facility in the Dube Tradeport IDZ in Durban
