Kuthulwe ikhemisi labelaphi bendabuko

Kuthulwe ikhemisi labelaphi bendabuko

Busisiwe Zondi

Esqiwini iHluhluwe namuhla kuvulwe ngokusemthethweni isikhungo nekhemisi elizodayisa imithi yesintu yokwelapha i-Empilweni THP Warehouse. Lomcimbi obuwenzelwe khona iHluhluwe uMfolozi Park ubuzovulwa ngokusemthethweni nguMfu Musa Zondi woMnyanngo wakwa EDTEA ngokubambisana nabeZeMvelo KZN Wildlife. Yize ebengekho UNondaba kodwa oyinhloko yaloMnyango uDkt Nkosenye Zulu wuye othule inkulumo ayiphathiswe UNondaba. Ethula lenkulumo uMageba uthe kuyathokozisa ukuvulwa ngokusemthethweni kwalelikhemisi kanye nendawo yokutshala izihlahla ezisetshenziswa kakhulu abelaphi bendabuko ukulapha. Ubonge nenyuvesi i-UKZN okuyiyo eyabona kumele kube nalekhemisi ngoba ngo 2024 abelaphi babezikhalela ngokuboshwa uma begawula imithi kwazise akuvumelekile ukugawulwa kwezihlahla ezikulesisiqiwi. Uthe bewumnyango wokongiwa kwemvelo bathembisa ukuthi eminyakeni emihlanu ayobe esande iKZN yonke lamakhemisi. Izihlahla, amafutha, izikhumba kanye namathambo, yikho okuzodayisa kakhulu.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *