Kwashintsha ukudla epletini

Kwashintsha ukudla epletini

Busie Zondi

ABAHLELI bomcimbi wokubungazwa kweqhawe elingasekho uDkt Joseph Shabalala bahlangane nezimbila zithutha. Bathole incwadi ephuthumayo evimbela ukuba baqhubeke nalomcimbi. I-Till Dawn Entertainment kaLebo M ithole incwadi yenkantolo ephuma kwabaphikisana nalomcimbi. Abameli be-Till Dawn, babhale eyabo incwadi ephikisana nalokhu. Nembala awumiswanga umcimbi ngoba umyalelo wenkantolo uthe akuqhutshekwe. U-Lebo M uthe yize ejabula ngesinqumo senkantolo, kodwa lokhu kumuzwisa ubuhlungu ngoba uBaba Joseph bekungumuntu wabantu bonke. “Ngijabule yebo. Kodwa akumnandi ukuvinjelwa kwabantu ukuba bazothamela lomcimbi ongaleliqhawe elaziwa umhlaba wonke. Okubuhlungu kakhulu ukuthi, noNkosikazi wakhe imbala akakwazanga ukuza ngenxa yalezihibe. Kodwa syabonga ngoba sigcine sikwenze konke ebesikuhlelile, kwavele kwashintsha ukudla epletini. Nomuntu wethu uNkosinathi Shabalala ujabule kakhulu”, kusho yena. U-Lebo M uphinde wakuveza ukuthi lomcimbi ubungaxhasiwe muntu, kodwa ebezibambele yena mathupha.

Umcimbi ube yimpumelelo, bekugcwele phama. Abaculi balenzile iqiniso ukweseka uNkosinathi Shabalala oyindodana endala kaBaba Joseph Shabalala nokunguye obethula ingoma yakhe esihloko sithi IMISEBENZI. Lengomau Lebo M uphinde wayifaka isandla sakhe esyixuba nabaculi esingabala kubo uBig Zulu, Mnqobi Yazo no Thobani Nzuza. Abanye abaculi abakade bekhona ngu Naima Kay, Black Diamond, Phila Dlozi, Boity , Thee Legacy kanye neqwaba yosaziwa. Uhlelo beluphethwe nguMinnie Dlamini

Siyaxolisa nngomsindo ongemuhle wama video

Isthombe: The XViii Victorian

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *