Sekuvumbuke uMancinza mbumbulu we MK Labour Desk

Osesthombeni nguMlungisi Mancinza

E – Newcastle kuthiwa sekunomuntu ozenza uMancinza we-MK labour desk. Umlisa okuthiwa Lomlisa enalo igama lakhe iMK, kuthiwa uya ezitolo nasemafemini ama China afike azibize ngoMancinza we MK labour desk, ebese ethi abamnike imali ukuze bezovikeleka kuDudula. Nembala bayamfakela leyomali. Kuthiwa ukhikhisa R7000 i femu ngayinye ukuze bangaxakaziswa. Lento eyenziwa ilomlisa ifana nse nenkinga ekhona ye Security Fee. UMlungisi Zondi odume ngo Mlungisi Inkinga Mancinza uthi uzoyilandelela lento, athi ingcolisa igama lakhe neleqembu leMK. “Sengizwile ukuthi laphaya eNewcastle, kunomuntu ozenza mina aphinde athi uqhamuka kwi MK Labour Desk. Umkhondo wakhe ukhona. Maduze uzophendula”, kusho yena. Kuphinde kwavela nokuthi kune akhawunti yasebhange evuliwe ebizwa ngokuthi yi-MK Regional. Iyayichitha lendaba iMK Labour Desk ithi ayiyazi le akhawunti, oyivulile uzojeza.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *