



UMnu Mdunge obephethe izwi enkonzweni yomngcwabo kaMnu Bekezela Mhlongo obefihlwa namuhla ePortshepston Kwanyuswa uthe indlela abantu abamukholwa ngayo uGeneral Nhlanhla Mkhwanazi, indlela abamuthanda ngayo nabamuvikela ngayo, ukuba bayenza kuJesu leyo, ngabe amasonto agcwele phama.
Inkonzo kaMhlongo ibigcwele abantu abaqhamuka Kwamashu la ebehlala khona, ngisho nase Pietermaritzburg imbala kwazise uMhlongo ubengumuntu wabantu. Ozakwabo asebenza nabo Kwa Durban Transport eTransnat bakhulume kahle ngaye bethi ubekhuthele. Ubeqeda ukusebenza ishift yakhe kodwa angadinwa neyokubamba eyomunye uma engekho okumele angene
UMhlongo ubeganwe nguNkk Thokozile Mhlongo uMaMngadi obeyilunga leSigodlo seziNdlovukazi nazo ebezikhona ukuzomeseka.
abantwana, umshana kanye nabazukulu basho izwi elilodwa ukuthi uNjomane ubenothando olukhulu lomndeni wakhe, bese eyatotosa kubazukulu bakhe. UMama kaMhlongo uNkk Dumazile Mhlongo ubebukeka eqinile ezishaye zaphelela izevatho zakhe zasemaRomeni.
