Ubuye ngeshodi owe Furure Billionaire

Ubuye ngeshodi owe Furure Billionaire

Kuqinisiwe uma kuthiwa phambana nezimo, bese ulingisa uNkosikazi wase bhayibhelini owayebhekene nezimo ezinzima zokulahlekelwa. Lona wesiMame wayeqinisekisa ukuthi uma ebuzwa ukuthi zihamba kanjani izinto empilweni, aphendule athi, “KONKE KUHAMBA KAHLE”. Lona wesifazane ngimubone evuka ngoPhindi Phindela wodumo lwempahla yakhe enhle yokugqoka ebizwa nge FUTURE BILLIONAIRE. Lentokazi ike yanyamalala isikhathi esingangezinyanga eziyisithupha ingabonakali ezinkundleni zokuxhumana, noma ngisho nasemgwaqeni imbala.

Kodwa emuva kwalokho ibonakele isino Facebook omusha yabe isiyachaza ukuthi ibivimbekile ukusebenza, izigilamkhuba zimephuce zamuvala kuzona zonke izinkundla zokuxhumana. Lokhu kwaphazamisa nenombolo yakhe uqobo. Kube nzima kakhulu ngoba kumele alinde zize zidele lezi zelelesi kuyikhani ekhanda izinkundla ezintsha zokuxhumana, ngoba ubevalekile kukho konke (Blocked). Intokazi iphinde yasifundisa esinye isifundo esithi impela ukuhlehla kweNqama akusho ukubaleka, kodwa ukuthatha amandla. UPhindi uyasimema ukuba sizovala naye unyaka sichwechwa emkhunjini kwichweba laseThekwini siphinde sishise inyama sidle sibuse. Ngale kwalokho usiphathele nabantu abazobe beyizikhulumi zosuku. Akusikhoke ukuba sebumnandini kuphela. Kodwa yisikhathi sokucathulisana ebhizinisini kube nokufundwayo. Ngemininingwane buka iposter

2 Comments

  1. Lisakhanya Pepe

    I’m so proud of this young lady ,She surprises me everyday .I have so much respect for her .

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *