Busisiwe Zondi
UMalusi Mbokazi uyazicelela ukuthi kenimuphe ithuba kube kanye. Akukuningi akudingayo, udinganje ukuthi wena nomndeni wakho nithenge amathikithi niyozibukela yena bukhoma ethi “NGISIZE NKOSI” ku Live Recording azobe eyenza e ICC mhlaka 5 kuSepthemba 2026 ngo 6 ntambama. UMbokazi ubungaza iminyaka eyishumi uNkukunkulu amupha ithalente lokucula aziwe umhlaba wonke. Lanake uzobe ephelezelwa ozakwaba esingabala kubo uBabo, uSbu Noah, UNtokozo Ngongoma, uKhaya Mthethwa, uXolisa Kwinana, uHlengiwe Mhlaba, uSneziey kanye no Paradise Mdlalose. Amathikithi aya tholakala eWebticket nase Pick n Pay, Asuka kuR200 kuya ku R500. Lena imvuselele eyobe iqoshwa bukhoma, ngiyazi mfundi WEKHAZIMULA awufuni ukuzwa ngendaba, kodwa ufuna ukuzibonela uNkulunkulu enza izimangakiso ngalolusuku. Thenga ithikithi lakho manje unike UMalusi AZOPHEL’ AMQHINGA Mbokazi ithuba. Thola ithikithi lakho ngokuVakashela ku: https://www.webtickets.co.za/v2/event.aspx?itemid=1593197667

