Woza eMkhanyakude Stand

Woza eMkhanyakude Stand

Busisiwe Zondi

IMeya yakwiSifunda uMkhanyakude, uKhansela Siphile Mdaka uthule ngokusemthethweni indawo ezokhangisa imakethe loMasipala (Stand).
Lokhu ukwenza namuhla emuva kokuba i-Africa’s Travel Indaba (ATI) ese Inkosi Albert Luthuli International Convention ivulwe ngokusemthethweni uMongameli Cyril Ramaphosa.
UMeya umeme abezindaba, abatshali zimali, abahambele i-ATI ukuba bazovakashela i(Stand) esiku DEC1F18 ukuze babone ubuhle nokunotha nakwezokuVakasha. UMdaka uphinde wathi bazimisele ngokukhulisa umnotho baphinde bakhe namathuba omsebenzi. ” Ngobudlelwane obuhle kwezokuvakasha, sizinikele ekukhuliseni umnotho, sakhe namathuba omsebenzi siqhakambise nobuhle boMkhanyakude”, kusho yena.
I-Travel Indaba izovalwa ngoLwesine, okusho ukuthi sisakhona isikhathi sokubavakashela

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *