



Busie Zondi
Sekuya ngasemaphethelweni ekulungisweni kweNelson Mandela Capture Site. Lendawo ekwisiFunda saseMgungundlovu ibihanjelwe nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo uMfu Musa Zondi, uSihlalo weKZN Tourism And Film Authority uDkt. Sibusiso Ndebele kanye noSekela Meya uMnu Sandile Mnikathi, ukuyobheka inqubekela phambili yokulungiswa kwayo ngaphansi kohlelo lweSummer Season Campaign. Umnyango kaNondaba wanxenxwa abaxhasi abakhulu balendawo okuwuMnyango wezokuVakasha kuZwelonke ukuba nawo welule isandla ekutheni kulungiswe lendawo, yingakho uZondi ebeyisimenywa namuhla ukuba azobona ibanga eselihanjiwe kusuka kuqala unyaka. Impela uNondaba ukujabulele ukubona ukuthi umgwaqo osuka konguthela wayeka ungenela kule Site usulungiswe ngohlelo oluphezulu, kwalungiswa kwandiswa nezindawo zokupaka kwathi nalapho ekuyindawo yabahlala beqaphe isimo sezokuphepha yenziwa yaba sezingeni kwazise lendawo ivakashelwa nayizivakashi zakumazwe angaphandle
Luqhubekile uhambo kwayiwa ehhotela i-La Clef Botique eMidlands nokuyilapho u UNondaba ethe kubalulekile ukuba izivakashi zize sezazi ukuthi yikuphi la ezingathanda ukuchitha isikhathi samaholidi azo khona, uthi yingakho uma benza lemikhankaso bameme abezindaba kanye nama influencers ukuze umyalezo usabalale kahle. Uthe kungabukeka kunyinto encane lokhu, kodwa iqiniso lithi ayikho indawo engaba nodumo ngaphandle kokuba imakethwe kahle. Uthi yingakho bephansi phezulu ezindaweni ikakhulukazi zokulala ngoba yizo eziwumgogodla wokugcina izivakashi zijabulile futhi zithembisa nokuphinde zibuye. Ngaphandle kwalokho, uthe amahhotela yiwo aletha umnotho omkhulu esiFundazweni.

