AbamaCrown Awards benzise okwe West engalahlani

AbamaCrown Awards benzise okwe West engalahlani

Busie Zondi

Hhayike, kuhlezi kuthiwa iWest ayilahlani. Izolo kumaCrown Gospel Music Awards E-ICC, angeke ngisho ukuthi abazalwane kodwa ngizothi abantu bohambo luka Zanele Mbokazi Nkambule ongasekho, bakhombise okukhulu ukuthembeka. Kuthe sekubheda izinto futhi ngento ebibonakala ukuthi eyamabomi, kodwa abantu abaphelanga moya, bama eskhaleni. Kuke kwamnyama i-ICC yonke, abantu bakhanyisa omakhala ekhukhwini babo bacula ingoma kwananela i-Band. Kuke kwathula imisindo yezinsimbi, baphinda abantu bazihlanganisela ingoma kwaduma i-ICC. Yize bekukuningi obekungenza abantu badube bahambe, kodwa bahlalile balinda umcimbi waze waphela. Yingakho ngithi abazalwane kulokho bafane neWest engalahlani, babe yimbumba bangalahlana. Yize engasekho umsunguli wamaCrown, kodwa abantu bahloniphe laba asebewengamele umcimbi, bafika begqoke beconsa. Lokhu kuwuthobisile umoya wabahleli balomcimbi ngisho uBhishobhi uNkambule uzwakalise okukhulu ukubonga ngento eyenziwe abathandi bamaCrown Gospel kanye nabalandeli babaculi abakade beqokiwe nabakade bezodumisa.

ngezansi buka ivideo abantu bekhanyisa kumnyama, nenye lapho UNinny Mbelu no Kitty abayingxenye yabahleli bebonga futhi bethi unyaka ozayo nolandelayo, bazobuya ngamandla bengabambeki.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *