


Ake sincome into enhle uma yenzeka. Laphaya phansi kwebridge elise Workshop edolobheni iTheku, kunendawo ebizwa ngoMai Mai la kudayisa khona inyama eshisiwe. Yize bengasekho lapho kodwa besendaweni evulelekile khona eWorkshop. Kunensizwa edume ngelika Mnce. Lensizwa noma kunganakekile kodwa iyawenza umsebenzi okhuthazwa uHulumeni wokuthi osomabhizinisi balekelele ukuthuthukisa umnotho nokusungula amathuba omsebenzi. UMnce unezindawo adayisa kuzo ushisa nyama futhi kuhlezi kugcwele. Engifuna ukukubalula ngalensizwa, iqhaza layo elibamba emakhasimendeni ayo. Ikhipha ama voucher okuwinisa abantu. Ntambama ikhipha amasaka eMpuphu inike abawadingayo. Iyahamba uyibone kwabanye ozakwabo abaphantayo iyoxhasa. Laphaya eClermont renk kunensizwa ebizwa ngo Msizi, nayo idayisa inyama eshisiwe. UMsizi uthathelwe isitofu sakhe sithathathwa amaphoyisa omgwaqo. Ngakusasa UMnce wavukela khona eyonika UMsizi isitofu sokupheka ukuze umsebenzi uqhubeke. Manje okungihlabe umxhwele, uMnce ukhiphe isimemezelo ekhasini lakhe la Facebook ukuthi njengoba kuyisikhathi sikakhisimusi, imindeni eminingi izodla kahle futhi nezindawo zokudayisa ukudla zizobe zigcwele abantu bezithokozisa. Yena estolo sakhe sakwaMai Mai uthi woza noma uno R20 uzothula inyama bese yena ekupha ipapa namasaladi mahhala. Ubani ongenza lento ebhizinisini lakhe? nokwenza lesi yisikhathi sokwenza imali kubo bonke osomabhizinisi. Alikho isoka elingenasici kodwa kubalulekile ukuncoma nokubonga uma umuntu enze kahle. Lensizwa isize yaphenduka usaziwayo ngenxa yokulula isandla kwayo. Osaziwayo nabo bayaya endaweni yalensizwa ukuyeseka.
