Uwile umuthi omkhulu eMzansi endimeni yezokulungisa

Uwile umuthi omkhulu eMzansi endimeni yezokulungisa

Ingena ilandelana imiyalezo yenduduzo yokudlula emhlabeni kuka Mama Cynthia Shange (76) obeseyingqalabutho kwezikaqeda isizungu kwimidlalo yeshashalazi neyakumabonakude. UMama Shange udlule emhlabeni emuva kwesikhathi impela engaphilanga ngokwenyama.
Sigcina ukumbona la eKZN ingenkathi ehlonishwa ngendondo yeLifetime Achiever eyinikwa kuma KZN Simon Mabhunu Sabela Awards. Kwasukuma wonke umuntu abantu bekhombisa inhlonipho emuva kokuba uMama ethule inkulumo yakhe yokuzibongela waphinde waqinisa amaciko eza emva kwakhe nasemasha (young up coming artists) ethi indlela inde ifuna abomelele.
Ngonyaka ka 1972, uMama Cynthia waba ngowokuqala omnyama ukumela izwe laseMzansi kunobuhle (1st Miss Black SA). Ngale kwalokho unguMama kanobuhle uNonhle Thema naye ohamba ezinyathelweni zikaMama wakhe. Imidlalo aseke abonakala kuyo uMama Shange singabala uDeliwe, uShaka Zulu, uBambo Lwami, Ip’intombi, uMuvhango eminye emini ngi. Lala kahle Ndlovukazi, Qhawekazi lesizwe

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *