

Amazwi omhleli
Sithokozile siyisizwe ngani. Kuthatha ukubekezela ukufika kulendawo enikuyo manje. Kusuka ku Grade RR kuze kube u Grade 12 already senininyaka ewu 14 nifunda. Akusiyo into encane leyo.
Manje nibhala izivivinyo zonyaka. Akusho ke ukuthi lezi izivivinyo izivivinyo zempilo yakho. Impilo inama ups and downs until the end. Ubunzima nokungaphumeleli kwakho, akusho ukuphela komhlaba, kodwa kuthi hlehla kancane ubone uqhuzukephi, ukuvike okukukhubile ebese ufaka eliya phambili. Awuzelanga omunye umuntu la emhlabeni kodwa nawe uzohamba ibanga lakho, ngakho akungabibikho muntu okufaka ingcindezi noma wena uzifake ingcindezi ngokwenzekayo komunye umuntu. Uma ephumelela, mushayele izandla uthi nami ngyeza ngesikhathi engisibekelwe uMdali.
Okuhle kodwa, siyaziqhenya kakhulu ngani. All the best Matric class 2025
