Iminyango icikice isivumelwano sokusebenzisana

Iminyango icikice isivumelwano sokusebenzisana

Busie Zondi

UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa KoMnotho ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo uMfu Musa Zondi ungomunye woNgqongqoshe abasayine isivumelwano sokusebenzisana nezindlela zokuthuthukisa isiFundazwa saKwaZulu-Natali.
Namuhla e-Coastland Hotel eThekwini UNondaba ngokubambisana noNgqongqoshe wezoLimo nokuThuthukiswa kweziNdawo zaseMakhaya uNkk Thembeni Madlopha Mthethwa kanye noNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neziNgqalasizinda UMnu Martin Meyer bacikice phansi ukuvumelana ngokusebenza ngokubambisana ukuletha intuthuko efanele nesezingeni elifanele wonke umuntu wakulesisiFundazwe. UZondi enkulumweni yakhe uthe lokhu abakwenza namuhla kungumlando ongesiso isisombululo samanje kuphela, kodwa nesizukulwane sesizukulwane sizosizakala. ” Umhlaba esiwulungisa namuhla uzoba umhlaba ozozala izinkampani, amafemu amakhulu kanye nomhlaba wokutshala, lapho umphakathi wethu uzozisebenza uzithuthukiswe, kutshalwe, kuvunwe, kuxosheke ikati eziko. Isizukulwane kube yiso esilawula umnotho”, kusho yena.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *