







Izithombe: African Content TV
BUSIE ZONDI
Kubonakale no General Nhlanhla Mkhanazi Kwinkomfa yabatshali zimali eKZN ebise ICC eThekwini.
Lenkomfa ebiholwa uNdunankulu wesiFundazwe saKwaZulu Natal uMnu Thamsanqa Ntuli ibe nosuku lokuqala oluyimpumelelo. UGenerala Mkhwanazi naye ebekhona eyingxenye yalenkomfa. UNdunankulu uncome uMfu Musa Zondi onguNgqongqoshe woMnyanngo wezokuThuthukiswa KoMnotho ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo uMfu Musa Zondi. Uthe ucela ukumbonga kugcwele abantu ukuthi uMnyango wakhe uNondaba awengamele uwuphethe ngobunono.
“Ngiyakubonga Nondaba ngokuba umholi owuye kuloMnyango owuphethe. Usebenza ngokuthembeka futhi nangokuzinikela. Ngikusho lokhu phambi kwawo wonke umuntu ola ukuze bezwe futhi bazi ukuthi ngiyawubona umehluko ngawe”, kusho yena. Uthe njengoba belaphanje, bazohlephulelana isinkwa ukuba sanele futhi sidliwe yiwowonke umuntu. Uqhubekile uNdunankulu wabonga kakhulu inkampani exhase lesidlo okungu-MTN, ethi ngaphandle kwabo, lesisidlo besingeke senzeke ngempumelelo. UMfu Musa Zondi ubonge ngokuthobeka kuNdunankulu, wase ebonga nezihambeli zesidlo sasebusuku ebezizothamela lomcimbi wokusonga usuku lokuqala obeluyimpumelo lwenkomfa ebisemini. Uthe lesisidlo siwukubungaza ukusayinwa kwesivumelwano sisayinwa iminyango emithathu nokuyingqopha mlando, siphinde sibungaze labo abatshale izimali zabo kwinkomfa yonyaka odlule. Zibe yi 17 izinkampani ezinikwe izindondo zokuzihlonipha ngokutshala izigidigidi zemali ukwakhiwa nokuthuthukiswa kwaseFundazwe. UNondaba uthi ngonyaka odlule banxenxa abatshali zimali ukube bafake esivivaneni, bakwazi ukuthola utshalo mali luka 85.2 Billion wamarandi. Kulonyaka uthi bazosebenza kakhulu ukuthi kutshalwe u90 Billion wamarandi. UZondi uphinde wagcizelela ukuthi umphakathi uzihambele izinkomfa ezifana nalezi, kwazise imali esuke itshalwa eyawo umphakathi, kwakhiwa izikhungo ezizosiza wona kuthuthuke umnotho kuvuleke namathuba emisebenzi.
