Ama-National Funeral Business Awards asefikile

Ama-National Funeral Business Awards asefikile

Sekuvulwe ngokusemthethweni ukungenela owama National Funeral Business Awards. Lombiko uthulwe kwisithangami sabezindaba, uthulwa ngumsunguli walama awards UMnu Muzi Hlengwa kanye nethimba lakhe.
Kulesisithangami ebesiseMorningside eThekwini, kuphinde kwavele ukuthi kuzoba nezinhlelo eziningi ezizokwenzeka ukugqugquzela lomcimbi, luze lufike usuku.
UMnu Hlengwa uphinde wacacisa eyikungathulwa kosuku lwama Awards. Uthe usazobiza esinye isthangami.
“Ngyabonga ngokuseseka kusuka ngonyaka ophelile. Inkulu indima edlalwa abezindaba, yingakho sizophinda sinibize sesizonethulela usuku lwama Awards bese sikhipha nengulube esakeni lapho sizonazisa ukuthi sesiyinkampani ekhiqiza amabhokisi aseqophelweni eliphezulu kuphela ( Caskets), esho.
Kulindeleke ukuba inani labazowahambela lama awards likhuphu liye kwinkulungwane. Wathi konke kumi ngomumo, angeke kusweleke indawo yokuhlala njengonyaka ophelile.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *