




BUSISISWE ZONDI
Athi amatshithsi asekulungele ukwenza umcimbi wawo obizwa ngowama Tshiwelele Festival.
Lomcimbi esiwulethelwe yi Fast and Quick, kuzobe sekungokwesibili wenzeka. Uzokwenzelwa enkundleni yezemidlalo eseThekwini iCurries Fountain mhlaka 7 kuNdasa walonyaka.
Amathikithi atholakala eTicketpro, BP Garage kanye nakwenzinye izindawo ezibaliwe. Amasango ayovulwa ekuseni ngelesikhombisa.
Amabhodlela, izidakamizwa notshwala akuvumelekile.
Ongumsunguli noMgqugquzeli walomcimbi uMnu Lindani Gumede odume ngelikaPapa G ekhuluma kwisithangami sabezindaba uthe babona lukhulu ngonyaka odlule lapho kwavele kwagcwala kwathi phama, kwasala abantu ngaphandle enkundleni. Uthe kulonyaka konke kuzohamba ngohlelo. Basikhuphule sabangu 15000 isibalo sabantu abazothamela lomcimbi. Waphinde wagqugquzela eyokuthi akukho ukwenzelela. Ofakiwe ohlwini labaculi wuye wuye. Ongangenanga useyongena ngonyaka ozayo kwazise phela lomcimbi usazokuba khona iminyaka eminingi.
UPapa G uphinde wagcizelela kubo abaculi ukuba bagcine isikhathi ngoba uma sekudlule isikhathi obunikwe sona wangacula, kuyobe sekuphelile ngawe. “Lona umcimbi wasemini hhayi ebusuku. Uma uzofika emuva kwesikhathi onikwe sona sokungena esteji, hhay impela uyobe usukhale ngaphansi ngoba umcimbi uyaphela ngehora lesihlanu, izintombi kumele zigoduke kusakhanya. Umcimbi wazo lo hhayi wethu”, kusho yena.
Umcimbi uzoqala ngeKhempu kaZwelonke yezintombi ezoba ngoLwesihlanu, lapho indikimba (theme) yakhona, kugqokwa okubovu.
Ziphume ekuseni kwikhempu zizicijele ukuya kumviliyelo ozosuka eMakethe uze uyongena eCurries Fountain. Ngo-12 emini, izintombi zivula isiteji. UNkz Zamambo Mkhize iTshitshi leKhawntry uthi sekuyiso leso sikhathi sokuba amathsitshi asukume enze into yawo. Uthi konke okusabhizinisi okuzobe kukhona, kuzobe kwenziwa amatshitshi, kusuka ekudayiseni ukudla nasekudayisweni kobuhlalu. UZamambo uthi lomcimbi iwona owenza bazizwe bebalulekile ngoba uthi kweminye imicimbi abanakwa, abanikwa nendawo yabo, basuke bebukwa njengezingane nje ezizigqokele ubuhlalu.
UPapa G ugcizelele eyokuthi uma ufuna ukuthengisa, kumele ushayele lenombolo ethi 0313681124 ukuze kugwemeke ukuqutshulwa kwempahla edayiswa ngokungekho emthethweni.
