Iphumile induku kaPhila emqubeni

Iphumile induku kaPhila emqubeni

Nokho ukwazile uPhila Mthembu ukufihla induku emqubeni emuva kokuthula isikhathi engayithi vu eyokuthi ubuyela emsakazweni. Ugcine elibhobisile ithumba lokuthi useyongena ophikweni lwezindaba lomsakazo i-East Coast Radio. UPhila “Doll” Mthembu uke wethula Izindaba emsakazweni iVuma 103 FM, waphuma khona wabe eseya kulo uphiko lwezindaba kumabonakude esiteshini seNewzRoom Africa. UPhila ephuma kwiVuma abalaleli babelokhu besokole njalo ukuthi leliphimbo angeke basalizwa. Kuthe uma esengene kumabonakude waba yisilomo kakhulu ngendlela ayethula ngayo Izindaba. Uma udaba lukuphuthile kumabonakude, wayeqinisekisa ukuthi uyalubhala enkundleni yakhe u Facebook noma isimo besishube kangakanani, wayesibeka njengoba sinjalo. Waduma kakhulu esabalalisa udaba lwakhe lokubaleka ashiye isithunzi eNanda kusadume izigelekeqe zeWest. Akugcinanga lapho, kukhona nalapho ahhahhamezwa owesifazane kwiMarch and March esho ukumuqeda emsola ngokuthi ucheme udede nalombhikisho. Halala Phila wabantu, silindele lukhulu kuwena.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *