UNtokozo Yome Khweqe ushintshe ka 8 kwi Durban July

UNtokozo Yome Khweqe ushintshe ka 8 kwi Durban July

Insizwa yaseHluhluwe eyaziwa ngokungasabi nemali, enganqeni ukutshela noma ibandla lamadoda ukuthi namuhla ayolala edakiwe. Ngamanye amazwi ubabusisa ngotshwala nomaphi la ahamba khona. Lensizwa ezibiza ngoNtokozo Yome Khweqe ithi izimpahla zayo zokugqoka kwi Durban July izithungelwe abathungi bengqephu abangu 30, basesiFundazweni nangaphandle. Impela ifunge yagomela ukuthi akekho oswenke nje ngayo, kwazise ibimele oMaskandi. Lensizwa ezikhulumelayo ithe yona yashintsha ka 8 ngalolusuku. Okusho ukuthi noSomizi akabonanga lutho. Uthi futhi nenzimpahla zakhe zaqala zayokhothwa abakubo abadala le eNhlwathi ngaphambi kokuba izogqoke. Siyayazi kakhulu lensizwa enkundleni ka Tiktok ekhasini layo iNtokozo Car Yome Khweqe la edayiaa khona izimoto

Ngale kwalokho umcimbi wonke kwakubonakala ukuthi bonke abantu bayizwile indlela obekumele bagqoke ngayo futhi bayilandela. Ngaphandle kuka Dominic Zaca othe yena akayilandelanga nhlobo indlela yokugqoka, kodwa ugqoke ingubo athe ngayo upholisa amanxeba ange Durban July yangonyaka ophelile, engamuphathanga neze kahle.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *