Isifo samatele sigijimise iKhabhinethe yase KZN

Isifo samatele sigijimise iKhabhinethe yase KZN

Busisiwe Zondi

Ukubhebhetheka kwesifo samaTele sesiphoqe uNdunankulu waKwaZulu Natal uMnu Thami Ntuli ukuba ajube isigungu sakhe seKhebhinethe ukuba lihembele izindawo zesiFundazwe ezihlaselekile.UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho nokoNgiwa KweMvelo uMfu Musa Zondi uhambele uMasipala waseNquthu kwisiFunda saseMzinyathi ehholo, lapho bekuhlangene umphakathi, abalimi, amaKhosi kanye nezinduna, ukudingidwa kodaba lwalesifo kwazise angu 228 amadiphu akulesisiFunda.
Ngokusho kukaNgqongqoshe, i-KZN yiyo ehamba phambili ngo 90% walesifo nokwenza oDokotela bemfuyo bagxile kuyo.
Uthe uyacela abantu babekezele, baphinde babambisane noHulumeni uma kukhona ezinye izindlela zemvelo abangeza nazo ukunqanda lesifo. Uthe inkinga ekhona okwamanje, imijovo iyashoda kodwa babheke ukuthi kube khona efikayo makuphela lenyanga. UNondaba uthe isizathu esikhulu sokuba abe lapha yingoba kuthinteka nokuthuthuka komnotho futhi kulimale nemvelo nokuwumsebenzi wakhe awubhekelela emnyangweni.

UNdunankulu akagcinanga ngokuyiphaka, kodwa naye ugijime waya Kwa Ximba eyokhuluma nomphakathi wakhona ngalesifo. Waqinisekisa nokuthi kulindeleke imijovo engu 950 000 ezofika maduze

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *