
Isthombe: Mleesa Visuals
Umbiko: Sthembiso Shangase
ISILO samabandla onke Ingonyama uMisuzulu kaZwelithini uzwakalise ukungaphatheki kahle ngesimo sokuncipha kwabantu abaganayo ezweni. OkaMdlokombane nakuba eyikhulume sakuntela lendaba kodwa ukuvezile ukuthi kuwumqansa ezinsizweni ezifisa ukuganwa waze waveza ukuthi kunesidingo sokuthi kuxoxwe ngalenkinga.
Okwamanje uma umuntu wesilisa edinga ukuganwa kufanele akhiphe ilobolo lezinkomo eziyishumi nenkomo ngaphezulu, bese kuba nezibizo ngaphezulu.
uMlando uveza ukuthi inani lezinkomo eziyishumi nanye lanqunywa yiNgisi u Sir Theophilus Sherpstone uSomtsewu esewumbusi wezindaba zabomdabu kulesifundazwe.
Isilo besikhuluma ngesikhathi sesivala uMkhosi woMhlanga eMashobeni eMpakama ngaphansi koPhongolo ngesonto ntambama.
Isilo sithi sifisa ke-kuxoxwe ngokwanda kwezintombi ezigugela emakhaya…..