Busie Zondi

KUHAMBE kahle emcimbini oba mina yaka yonke othiwa nguMkhosi womhlanga.
izintombi zidele amakhaza zalibangisa esiGodlweni saseMashobeni oPhongolo. Yize kube nokungabaza uma kumenyezelwa ukushintsha kwendawo, kodwa konke kuhambe kahle. UHulumeni, AmaKhosi, osaziwayo kanye nezinye izinhlanhano, bezihlobe iphelele, amabutho egqishile. Bekungakabikwa zingozi nazimo ezibi ezenzekile.
