
UBabes Wodumo no-Nondumiso Simelane
Isithombe: Jabulani Langa
Busie Zondi
UKHIPHE usuku olusha lokuphuma kwengoma kaSisi wakhe uNondumiso Simelane obuye abe yiMenenja ka Babes Wodumo. Kwivideo ayiqophe kuFacebook bukhoma UNondu, uqinisekisile ukuthi mhlaka 3 October, iyaphuma ingoma. Uthe uyaxolisa kakhulu kubalandeli baBabes ngokushintshwa kosuku, kodwa kuvele kwenzeka ushintsho kuyo yonke into. “Siyaxolisa, siyazi benilinde umhlaka 19 kulenyanga. Akusenzekanga ngoba kuvele kwanento ebengiyithandazela isikhathi ukuthi yenzeke avele yenzeka manje. Sithole ikhaya elisha lapho u Babes asayine ngaphansi kwalo. Lokhu kuphoqe ukuthi sihlehlise usuku ukuze sisayine kahle zonke izivumelwano”, kusho yena. Uqhubeka wathi ujabule kakhulu ngalelikhaya athi ulivezelwe ngisho ephusheni ukuthi yilo umampela, livezwa uShimora Mampintsha ongasekho emhlabeni nonguMyeni kaBabes.
UNondu uphinde waxwayisa abaculi ukuthi bayibhekisise inkontileka ngaphambi kokuba basayine. Uthi bona, bacishe bagileka bethole inkampani ezodinga ama albhamu ayinqwaba kuBabes ngesikhathi esiyiminyaka emibili. Uthi ebona lokhu, ugxume uhhafu wayinqaba lenkontileka nathe iBabes ubezoba yisigqila kuyona.
