Ukungcwaba kuyibhizinisi – Muzi Hlengwa

Ukungcwaba kuyibhizinisi – Muzi Hlengwa

Muzi Hlengwa

Busie Zondi

KUSWELEKE indawo yokuhlala, abangcwabi bezothamela izifundo komakade bebona kulelibhizinisi, becobelana nangolwazi kulomkhakha. Lezizifundo zizothatha izinsuku ezintathu zenzeka. Namuhla wusuku lokuqala kuyoze kube nguLwesine. Ongumphathi weBejay Funeral Directors, uMnu Muzi Hlengwa, nguye oqale ukufundisa izifundo zalelibhizinisi. Okubalulekile ukuthi kukhona nabangcwabi abaliqhamukisa kwezinye iziFundazwe ezingaphandle kwalesi, e-Easern Cape naseMpumalanga, abanye baqhamuka kwiziFunda ezehlukene zaseKZN. Kanjalo khona nezinhlanga zelinye ibala nokuchaza ukuthi ngempela lelibhizinisi liyakhula futhi nabanikazi balo bakukhathalele ukuba nolwazi. UMuzi uqale wabafundisa ngokubaluleka kwendlela obukeka ngayo wena mnikazi webhizinisi, nendlela oziphatha ngayo ukuzeabantu bakwethembe. “Awukwazi ukutshela umndeni ukuthi uzowungcwabela ngo R100 000, ibe wena ubukeka udinga wona lo 100k ukuze uphile. Fundani ukusebenzisa imali efakwa amakhasimende akho ukungcwaba wona, ungasebenzisi eyomndeni wakho”, kusho yena. Uphinde wabakhuza ngokuba nolaka uma kufika imindeni iba nolaka, ilwa ingafunekuzwa. Uthe lokhu kulungile ngoba umndeni ufelwe, wena awufelwe wathi ngakho gwinya ubuhlungu babo. Umngcwabo uyayiphazamisa kakhulu ingqondo.

Isthombe: Veli Shangase

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *