Ngezansi. Isithombe saMfu Musa Zondi nama 2K ewatusa ngokukhuthala kwezobuchwepheshe

Ngezansi. UNgqongqoshe Mfu Musa Zondi nabaphathi beSisonke Liquor Traders

Kuvele olunye uhlangothi lukaMfu. Musa Zondi ekhuluma nentsha laba ababizwa ngama 2K. Uthe uyawubona umsebenzi wabo kwiDigital Space futhi uthi yikho kanye afuna ukukubona kwenzeka ukuze osomabhizinisi bazazi izindlela ezisebenzayo zokuthuthukisa amabhizinisi azo.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo uMfu MusaZondi ubeyisimenywa sosuku emcimbini wesidlo sasebusuku obuhlelwe yinhlangano iSisonke Liquor Traders, okuyinhlangano yabasebhizinisini lokudayisa ngotshwala. UNondaba ubathembise ukuthi njengoba uhulumeni esezinhlelweni zokuchibiyela umthetho sisekelo walemboni yotshwala, okuningi abakhalaza ngakho kufakiwe kwachibiyelwa ngakho. Uthe uyabakhuthaza ukuthi bangasabi ukusabalala nasemadolobheni phakathi ngoba eli izwe labo. Wathi usho lokhu ngoba uNgqongqoshe wezamabhilidi, ulungisa eyamabhilidi angasebenzi, alinyaziwe nathathwe ngokungemvumo.
KHONAMANJALO UNgqongqoshe uvukele eVryheid ukuyoba yingxenye yokuyiswa kweSishayamthetho kubantu (Taking Legislature to the People). Lokhukuhlala bekuseHholo loMphakathi i-Cecil Emmett Community Hall.
UNondaba uthule izinhlelo zoMnyango wakhe zokuthuthukisa umphakathi nomnotho kwiSifunda sikaMasipala waseZululand.
Umphakathi nawo uthole ithuba lokubeka izidingo nezincomo zawo kwiziphathimandla zeminyango kaHulumeni ebezikhona. UNondaba uthe iyasiza lemihlangano ngoba yenza kubelula ukubuyela kubantu uma bekade bethunyiwe ukuyosebenza bewuHulumeni.

UMfu Musa Zondi eVryheid kwi- Taking Legislature to the People

