Umcimbi we-INK-KASI EXPERIENCE uvule amathuba omsebenzi

Umcimbi we-INK-KASI EXPERIENCE uvule amathuba omsebenzi

Busie Zondi

Bangaphezulu kwamakhulu amabili abantu okanye osomabhizinisi abazohlomula ngemisebenzi ngokuqashwa wumcimbi we-Ink Kasi Experience ozokuba sePrincess Magogo Stadium KwaMashu mhlaka 15 kuZibandlela (December). Lomcimbi wedumela, yiwo wodwa okhona elokishini lwaKwaMashu oba minyaka yonke. Lonyaka kuzobe kungowesi 11 wenzeka, okusho ukuthi ususungule amathuba emisebenzi amaningi iminyaka engu 11 ilandelana.

Umnu Philani Ngwenya odume ngelika Splash weKasLam Events ongumsunguli walomcimbi kanti naye ungumakade ebona endimeni yobumnandi. Ethula inkulumo yakhe uthe, uyazi ukuthi ngonyaka ophelile kwaba nenkinga yesiminyaminya kungenwa esangweni, kodwa uthembisile ukuthi kulonyaka bahlele into engcono. Uphinde wathi bayakhuleka ukuthi isimo esijwayele ukuhlupha sokunetha kwemvula, kesibaphumuze kulonyaka. UNkk Anelisa Ngwenya ongumdayisi nomgqugquzeli we-InkKasi uthe yena into ayidingayo ukuba abantu beze ngobuningi babo elokishini laKwaMashu kwazise akusizakali bona kuphela beyi InkKasi, kodwa abaculi, abazothengisa, izindawo zokulala,izinkampani zokupheka, zonogada  kanye nokuningi okuzobe kuyibhizinisi, kuthembele kulolusuku ukuba lwenzeke ukuze umnotho uye macala onke hhay kubona kuphela. Kunamaciko asukumile azibongela ithuba lokunikwa umsebenzi, kanti bakhona futhi abawucele bukhoma, kwangabikhona micikilisho, lathi izwi labahleli bomcimbi, wonke umuntu uvumelekile ukuletha isicelo somsebenzi bese kuyabonakala indlela eya phambili. Yize abantu bakwi INK area kuyibo abazohlomula kakhulu, kodwa kukhona nabanye abasuka kwezinye izindawo abazosizakala, nokuyinto enhle kakhulu. Kuyathokozisa ukubona nabaxhasi basendaweni esingabala kubo umdlalo uZalo, uSuper Spa KwaMashu, KCAP, Inanda Fm, Vibe FM, kanye noMasipala weTheku nophiko lwezokuVasha eThekwini, beba yingxenye egcwele yalomcimbikazi.

Ngemininingwane yokuzobe kwenzeka buka iposter. Amathikith ayatholakala eTicketPro

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *