Isikhumbuze izikhathi zakudala i-INK-KASI EXPERIENCE

Isikhumbuze izikhathi zakudala i-INK-KASI EXPERIENCE

Namanje kusabatshazwa indlela abanini bomcimbi waKwaMashu abaphathe ngayo izimenywa zabo.

Izolo bekunesithangami sabezindaba ebesibizwe abaphathi bomcimbi we-Ink Kasi Experience ePrincess Magogo. Indlela abaphathi abazithula ngayo kwabezindaba, yenza noma ungathandi kodwa usibone isidingo sokubalalela. uMnu Philani Ngwenya odume ngelika Splash kanye nosNkk Anelisa Ngwenya be KasLam Events benze umsebenzi oncomekayo. Kulesisithangami bekuvunguza umoya wokuzwana kuhlangene abaculi izintatheli kanye nama influencers. Lokhu kuvuse umuzwa owawukhona kudala ngaphambi kokhuvethe, lapho kwakuhanjwa izindawo, kuthi uma sekuhlangenwe wawungafunga ukuthi izingane zomndeni owodwa.

Lomcimbi ozokuba mhla ziyi 15 kuZibandlela ePrincess Magogo Stadium KwaMashu, kulindeleke ukuba ube ngoseqophelwei eliphezulu ngesizathu sohlu lwabaculi oluzobe lukhona.

Kulindeleke ukuthi zibe zimbili iziteji ezizoba nabaculi. Esinye esGqom kuthi esinye kube ngese Old Skul. Amathikithi ayatholakala eTicket Pro kusuka R200, kuya ku R400.

Ngeminye imininingwane, buka iposter.

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *