Busisiwe Zondi
UPhila Mthembu uthi emuva kokukhathala kuka 30 June, usinika inyanga eyodwa ukulula amathambo ngoba ngomhlaka 1 ku-Agasti usifuna eBlue Lagoon kwi Sisonke Get together. Uthi ngalolusuku akafuni ngisho indibilishi yakho kodwa ufuna wena nabathandiweyo bakho nizophumula etshanini njengoSdumo.
EBlue Lagoon mhlaka 1 ku-Agasti ngo 10 ekuseni lize liyoshona. Kungenwa mahhala, okwakho nje ukuthi uphathe okokuhlala, inyama yezoso kanye neziphuzo zakho bese uphumula apha enhloko

Phila Mthembu

