U-Dkt. Raj Govendor ubhale ingoma ngoMandela

U-Dkt. Raj Govendor ubhale ingoma ngoMandela

Buka ivideo ngezansi:

Busisiwe Zondi

Kuzokhumbuleka ukuthi usuku lwanamuhla 11 February kunyaka ka 1990, usuku okwaqopheka ngalo umlando wokukhulwa kuka Tata Dkt Nelson Holihlahla Mandela emuva kokuvalelwa ejele uHulumeni wobandlululo iminyaka engama 27. Kwaba nenhlokomo enkulu eNingizimu Afrika kujatshuliwe mzukwane ephuma ngalo lolusuku lwabamuhla.

Ongumakade ebona kwezithinta uBuntu nokubuyisana kanye namasiko uDkt Rajendran Govendor odume ngelika Dkt Raj, uhloniphe ngengoma ayibhalele uDkt Nelson Mandela owaba liqhawe laseMzansi nakumhlaba wonke. Umhloniphe wakhumbula nemisebenzi yakhe emihle ayenza, yokulwela nokubuyisa inkululeko kubantu abamnyama.

“Kuyigugu kimi namuhla ukuthi ngithule ingoma engiyibhalele uDkt Mandela. Ngiyithula namuhla ngoba sibungaza nalo lolusuku lwanamuhla mzukwane ededelwa ejele.” Lengoma iyisikhumbuzo kimi nakumhlaba wonke ukuthi kuneqhawe ese lalala kodwa lalala phezu kwemisebenzi yalo emihle. UmhoIi owasifundisa ukuthi noma kungamnyama kuhlwe isikhathi eside, kodwa liyogcina livelile ilanga liletha ukukhanya” kusho uDkt Raj

Comments

No comments yet. Why don’t you start the discussion?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *